Genesis - Chapter 13

Verse 1: U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.

Verse 2: U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

Verse 3: Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,

Verse 4: indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.

Verse 5: Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.

Verse 6: Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.

Verse 7: Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.

Verse 8: U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

Verse 9: Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

Verse 10: ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.

Verse 11: ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.

Verse 12: U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

Verse 13: Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

Verse 14: UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,

Verse 15: ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.

Verse 16: Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.

Verse 17: Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”

Verse 18: Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories