Verse 1: Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”
Verse 2: UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.
Verse 3: UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”
Verse 4: UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.
Verse 5: Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.
Verse 6: Niyazi nina ukuthi ngimkhonzile uyihlo ngamandla ami onke.
Verse 7: Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.
Verse 8: Uma ebesho ukuthi: ‘Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezimanakanaka; uma ebesho ukuthi: ‘Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho,’ umhlambi wonke wazala ezinemishwe.
Verse 9: Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.
Verse 10: “Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala.
Verse 11: Ingelosi kaNkulunkulu yathi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ Ngathi: ‘Ngilapha.’
Verse 12: Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.
Verse 13: NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona insika nalapho wenza isithembiso kimi; manje vuka, usuke kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.’ ”
Verse 14: ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na?
Verse 15: Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.
Verse 16: Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”
Verse 17: UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.
Verse 18: Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
Verse 19: ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
Verse 20: UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
Verse 21: Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
Verse 22: Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.
Verse 23: Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.
Verse 24: UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”
Verse 25: ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.
Verse 26: ULabani wathi kuJakobe: “Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na?
Verse 27: Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu, na?
Verse 28: Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho.
Verse 29: Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’
Verse 30: Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”
Verse 31: UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho.
Verse 32: Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
Verse 33: ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli.
Verse 34: URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.
Verse 35: Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.
Verse 36: UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?
Verse 37: Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.
Verse 38: “Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga.
Verse 39: Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku.
Verse 40: Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.
Verse 41: Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.
Verse 42: Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”
Verse 43: ULabani waphendula, wathi kuJakobe: “Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami, imihlambi iyimihlambi yami; konke okubonayo kungokwami; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?
Verse 44: Woza manje, senze isivumelwano mina nawe, sibe ngufakazi phakathi kwami nawe.”
Verse 45: UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.
Verse 46: Wathi uJakobe kubafowabo: “Buthani amatshe,” bathatha amatshe, benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.
Verse 47: ULabani wayiqamba ngokuthi iJegari Sahadutha, kepha uJakobe wayibiza ngokuthi iGaledi.
Verse 48: Wathi uLabani: “Le nqwaba ingufakazi phakathi kwami nawe namuhla.” Ngalokho igama layo laqanjwa ngokuthi iGaledi,
Verse 49: neMispa futhi, ngokuba wathi: “UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani.
Verse 50: Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”
Verse 51: Wathi uLabani kuJakobe: “Bheka, le nqwaba nensika engikumise phakathi kwami nawe,
Verse 52: le nqwaba ayibe ngufakazi, nensika ibe ngufakazi ukuthi angiyikudlula kule nqwaba, ngiye kuwe, nokuthi wena awuyikudlula kule nqwaba nakule nsika, uze kimi, ngokubi.
Verse 53: UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.
Verse 54: UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
Verse 55: ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.