Verse 1: Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
Verse 2: “Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema,
Verse 3: uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano,
Verse 4: engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,
Verse 5: ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ — njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”
Verse 6: Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze.
Verse 7: Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”
Verse 8: Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ”
Verse 9: Wayesethi uJehova kimi: “Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema.
Verse 10: Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
Verse 11: Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.
Verse 12: Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo.
Verse 13: Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’
Verse 14: “Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.
Verse 15: “Othandiweyo wami unani endlini yami lapho enza amacebo nabaningi na? Inyama engcwele ingavela kuwe, lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”
Verse 16: UJehova wabiza igama lakho ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo, onezithelo ezinhle; ngomsindo wesidumo esikhulu uyakuphemba umlilo kuwo, kwaphuke amagatsha awo.
Verse 17: UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.
Verse 18: UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.
Verse 19: Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
Verse 20: Jehova Sebawoti, mahluleli olungileyo, ovivinya izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.
Verse 21: “Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’
Verse 22: ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,
Verse 23: nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”