Verse 1: Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,
Verse 2: kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’
Verse 3: kepha uBaruki indodana kaNeriya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.”
Verse 4: UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.
Verse 5: Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda,
Verse 6: abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,
Verse 7: bafika ezweni laseGibithe, ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova; bafika eThahipanesi.
Verse 8: Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya eThahipanesi, lithi:
Verse 9: “Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu, uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda,
Verse 10: uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo.
Verse 11: Uyakufika, ashaye izwe laseGibithe, abokufa babe ngabokufa, abokuthunjwa babe ngabokuthunjwa, abenkemba babe ngabenkemba.
Verse 12: Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe, aphume eGibithe ngokuthula.
Verse 13: Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”