Jeremiah - Chapter 2

Verse 1: Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

Verse 2: “ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.

Verse 3: U-Israyeli ungcwele kuJehova, ululibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

Verse 4: Zwanini izwi likaJehova nina ndlu kaJakobe, nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.

Verse 5: Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

Verse 6: Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’

Verse 7: Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo, kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.

Verse 8: Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.

Verse 9: “Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova, “ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

Verse 10: Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone, nithume eKedari, niqonde kahle, nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

Verse 11: Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.

Verse 12: Mangalani ngalokho, mazulu, nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

Verse 13: “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.

Verse 14: U-Israyeli uyisigqila yini, uyisigqila esazalelwa ekhaya na? Waba kanjani impango na?

Verse 15: Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.

Verse 16: Nabantwana baseNofi naseThahipanesi baphuca ukhakhayi lwakho.

Verse 17: Awuzenzeli lokhu wena ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho, lapho ekuhola endleleni, na?

Verse 18: Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?

Verse 19: Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

Verse 20: “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

Verse 21: Mina ngakutshala ungumvini omuhle, imbewu elungileyo yodwa; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe, na?

Verse 22: Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

Verse 23: “Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angilandelanga oBali,’ na? Bheka indlela yakho esigodini, wazi ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,

Verse 24: nembongolo yasendle ejwayele ihlane, esezela umoya ngokukhanuka kwayo; ngubani ongavimbela inkanuko yayo na? Bonke abayifunayo abayikukhathala, bayakuyifumana ngenyanga yayo.

Verse 25: Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wathi: ‘Kuyize; cha, ngithandile abafokazi, ngiyakubalandela.’

Verse 26: “Njengesela linamahloni, lapho selifunyenwe, kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni, bona kanye namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo

Verse 27: abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni: ‘Wena wangizala.’ Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bayakusho ukuthi: ‘Vuka, usisindise.’

Verse 28: Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho, ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

Verse 29: “Niphikisanelani nami na? Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.

Verse 30: “Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.

Verse 31: “Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova. “Bengiyihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye, na? Basholoni abantu bami ukuthi: ‘Sesidlubulundile, asisayikubuyela kuwe,’ na?

Verse 32: Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

Verse 33: Ulungisa kahle kanjani indlela yakho ukufuna uthando! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.

Verse 34: Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu

Verse 35: uthi: ‘Anginacala.’ Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi. Bheka, ngiyakwahlulelana nawe, ngokuba uthi: ‘Angonanga.’

Verse 36: Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.

Verse 37: Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories