Verse 1: Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:
Verse 2: “Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.”
Verse 3: Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba.
Verse 4: Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.
Verse 5: Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi:
Verse 6: “Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.
Verse 7: Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,
Verse 8: leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.
Verse 9: Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;
Verse 10: uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.
Verse 11: “Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’
Verse 12: Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”
Verse 13: Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.
Verse 14: Ungqoqwane waseLebanoni uyashiya yini amadwala asendle, namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?
Verse 15: Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,
Verse 16: benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.
Verse 17: Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”
Verse 18: Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”
Verse 19: Nginake, Jehova, uzwe izwi labamelene nami.
Verse 20: Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.
Verse 21: Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.
Verse 22: Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.
Verse 23: Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.