Verse 1: Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ongumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele,
Verse 2: alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi:
Verse 3: “Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”
Verse 4: UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe
Verse 5: lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,
Verse 6: ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.
Verse 7: “Kepha aningilalelanga,” usho uJehova, “naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.”
Verse 8: Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,
Verse 9: bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.
Verse 10: Futhi ngiyakususa kubo izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, nomsindo wamatshe okugaya nokukhanya kwesibani.
Verse 11: Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo nesimangaliso, nalezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBabele iminyaka engamashumi ayisikhombisa.
Verse 12: “Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isigcwalisekile, ngihambele inkosi yaseBabele nesizwe leso,” usho uJehova, “ngobubi babo, kanye nezwe lamaKaledi, ngilenze libe yincithakalo ephakade.
Verse 13: Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.
Verse 14: Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.”
Verse 15: Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.
Verse 16: Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”
Verse 17: Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo:
Verse 18: iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla;
Verse 19: kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke,
Verse 20: nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi;
Verse 21: o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni,
Verse 22: nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;
Verse 23: iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,
Verse 24: nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane,
Verse 25: nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya,
Verse 26: nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
Verse 27: “Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’
Verse 28: Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.
Verse 29: Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’
Verse 30: “Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo: “ ‘UJehova uyakuduma ephezulu, aliphumise izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele; uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela iwayini kubo bonke abakhileyo emhlabeni.
Verse 31: Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba, ngokuba uJehova uyamelana nezizwe; uyahlulela inyama yonke, kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.
Verse 32: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, okubi kuyaphuma kwesinye isizwe kuye kwesinye, nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.”
Verse 33: Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.
Verse 34: Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.
Verse 35: Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo, izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.
Verse 36: Yizwi lokukhala kwabelusi, nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi, ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,
Verse 37: nezibaya ezithuleyo ziqediwe ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.
Verse 38: Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.