Jeremiah - Chapter 5

Verse 1: “Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

Verse 2: Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”

Verse 3: Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.

Verse 4: Ngase ngithi mina: “Laba bayizimpofana nje, bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.

Verse 5: Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;” kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.

Verse 6: Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.

Verse 7: “Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.

Verse 8: Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

Verse 9: Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

Verse 10: “Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.

Verse 11: Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.

Verse 12: Zimphikile uJehova, zathi: “Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.

Verse 13: Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo.”

Verse 14: Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.

Verse 15: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.

Verse 16: Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo, bangamaqhawe bonke.

Verse 17: Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.

Verse 18: “Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.

Verse 19: Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’

Verse 20: “Memezani lokhu endlini kaJakobe, nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:

Verse 21: Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.

Verse 22: Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.

Verse 23: Kepha laba bantu banenhliziyo eyambukileyo nehlubukileyo; bambuka, bahamba.

Verse 24: Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’

Verse 25: Ububi benu buchezukisile lokhu, nezono zenu zinenqabele okuhle.

Verse 26: “Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.

Verse 27: Njengendlwana yezinyoni igcwele zona, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngalokho bakhulile, bacebile.

Verse 28: Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele, nemfanelo yabampofu abayahluleli.

Verse 29: Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

Verse 30: “Okumangalisayo nokwesabekayo kuyenziwa ezweni.

Verse 31: Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories