Jeremiah - Chapter 20

Verse 1: UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.

Verse 2: UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

Verse 3: Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.

Verse 4: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

Verse 5: Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

Verse 6: Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”

Verse 7: Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.

Verse 8: Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

Verse 9: Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

Verse 10: Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”

Verse 11: Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu, ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

Verse 12: Kepha, Jehova Sebawoti, ovivinya olungileyo, obona izinso nenhliziyo, mangibone ukuphindisela kwakho kubo, ngokuba ngikwambulele indaba yami.

Verse 13: Hlabelelani kuJehova, nimdumise uJehova, ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.

Verse 14: Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo; usuku umame angizala ngalo malungabusiswa.

Verse 15: Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi: “Uzalelwe umntwana wesilisa,” emthokozisa nokumthokozisa.

Verse 16: Lowo muntu makabe njengemizi uJehova ayigumbuqela engazisoli, ezwe ukukhala ekuseni nokumemeza ngesikhathi sasemini,

Verse 17: ngokuba akangibulalanga esiswini, umame waze waba yithuna lami, nesisu sakhe saba sikhulelwe njalo.

Verse 18: Ngaphumelani esiswini ukuba ngibone umshikashika nosizi, ukuze izinsuku zami ziphele ngamahloni na?

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories