Verse 1: USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.
Verse 2: Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi.
Verse 3: Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.
Verse 4: Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.
Verse 5: Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.
Verse 6: Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.
Verse 7: Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi — amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi — ahamba ngendlela yase-Araba.
Verse 8: Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka.
Verse 9: Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela.
Verse 10: Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.
Verse 11: Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.
Verse 12: Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.
Verse 13: Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.
Verse 14: Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke.
Verse 15: Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba.
Verse 16: Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.
Verse 17: Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela lonke ithusi lakho eBabele.
Verse 18: Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.
Verse 19: Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.
Verse 20: Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.
Verse 21: Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
Verse 22: Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.
Verse 23: Kwakukhona amapomegranati angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.
Verse 24: Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
Verse 25: yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi.
Verse 26: UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila.
Verse 27: Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.
Verse 28: Nampa abantu uNebukadinesari abathumbayo: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu,
Verse 29: nangomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.
Verse 30: Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu. Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
Verse 31: Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni,
Verse 32: wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele.
Verse 33: Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
Verse 34: Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBabele zonke izinsuku zokuhamba kwakhe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.