Jeremiah - Chapter 16

Verse 1: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Verse 2: “Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.”

Verse 3: Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:

Verse 4: “Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”

Verse 5: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.

Verse 6: Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;

Verse 7: abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.

Verse 8: “Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.

Verse 9: Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakulenza ukuba liphele kule ndawo phambi kwamehlo enu nasezinsukwini zenu izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lo myeni nezwi lomakoti.

Verse 10: “Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu onke lawa mazwi, basho kuwe ukuthi: ‘UJehova ukhulumeleni phezu kwethu konke lokhu okubi na? Ububi bethu buyini? Yisiphi isono esone ngaso kuJehova uNkulunkulu wethu na?’

Verse 11: Usuyakusho kubo ukuthi: ‘Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile,’ usho uJehova, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abagcinanga umthetho wami,

Verse 12: nani nenza okubi kunawoyihlo, ngokuba bhekani, niyalandela, kube yilowo nalowo inkani yenhliziyo yakhe embi, ningangilaleli,

Verse 13: ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’

Verse 14: “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho kungasayikuthiwa: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’

Verse 15: kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.

Verse 16: “Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.

Verse 17: Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

Verse 18: Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”

Verse 19: Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badlile ifa lamanga kuphela, okuyize, engekho kukho insizakalo.

Verse 20: Umuntu angazenzela onkulunkulu na? Labo abasibo onkulunkulu.”

Verse 21: “Ngalokho bheka, ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhathi isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories