Verse 1: Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?
Verse 2: Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.
Verse 3: Kepha wena Jehova uyangazi, uyangibona, uvivinya inhliziyo yami ukuthi injani kuwe; bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
Verse 4: Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”
Verse 5: “Uma ugijimile nemigundatshani, yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
Verse 6: Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Verse 7: “Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.
Verse 8: Ifa lami likimi njengengonyama ehlathini; lingiphumisele izwi; ngalokho ngiyalizonda.
Verse 9: Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi, amanqe angakulo alihaqile nxazonke; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.
Verse 10: Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.
Verse 11: Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.
Verse 12: Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.
Verse 13: Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”
Verse 14: Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.
Verse 15: Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.
Verse 16: Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.
Verse 17: Kepha uma bengalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe, ngisichithe,” usho uJehova.