Jeremiah - Chapter 50

Verse 1: Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

Verse 2: “Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela, nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’

Verse 3: Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

Verse 4: “Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

Verse 5: Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

Verse 6: “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi babo babadukisile, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

Verse 7: Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’

Verse 8: “Balekani eBabele, niphume ezweni lamaKaledi, nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.

Verse 9: Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu, livela ezweni lasenyakatho, lizihlelele lona, linqotshwe lapho; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.

Verse 10: IKalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

Verse 11: “Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,

Verse 12: unyoko uyakujabha kakhulu, owangizalayo ayangaze; bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe, ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.

Verse 13: Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

Verse 14: “Zihleleleni iBabele nxazonke nina nonke eninsala umnsalo, nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.

Verse 15: Memezani kulo nxazonke; lizinikele, izisekelo zalo ziwile, izingange zalo zidiliziwe, ngokuba kuyimpindiselo kaJehova; phindiselani kulo, nenze kulo njengokwenza kwalo.

Verse 16: Nqumani umhlwanyeli eBabele nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba ecindezelayo yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe, yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

Verse 17: “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”

Verse 18: Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo, njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.

Verse 19: Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.

Verse 20: Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.

Verse 21: “Khuphukela ezweni laseMeratayimi, kulona nakwabakhileyo ePhekodi, uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.

Verse 22: Kukhona umsindo wokulwa ezweni nowencithakalo enkulu.

Verse 23: Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBabele incithakalo phakathi kwezizwe!

Verse 24: Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.

Verse 25: UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.

Verse 26: Lifikeleni nivele emkhawulweni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe yizinqwaba, niliqede nya, kungasali lutho kulo.

Verse 27: Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.

Verse 28: Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!

Verse 29: “Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.

Verse 30: Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda alo empi ayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.

Verse 31: “Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

Verse 32: Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

Verse 33: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba, abavumi ukuba bahambe.

Verse 34: Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.

Verse 35: “Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova, naphezu kwabakhileyo eBabele, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwezihlakaniphi zalo.

Verse 36: Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga, babe yiziwula, inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.

Verse 37: Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.

Verse 38: Makufike ukusha phezu kwamanzi alo, aze ome, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanya ngemifanekiso yabo.

Verse 39: “Ngalokho izilwane zasehlane ziyakuhlala nezimpungushe, kuhlale khona nezintshe; alisayikuhlalwa kuze kube phakade, lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.

Verse 40: Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora nemizi yawo eyakheleneyo,” usho uJehova, “kanjalo akuyikuhlala muntu khona, kungagogobali khona indodana yomuntu.

Verse 41: “Bheka, kuvela abantu enyakatho, isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.

Verse 42: Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; izwi labo liduma njengolwandle; bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa nawe ndodakazi yaseBabele.

Verse 43: Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

Verse 44: Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

Verse 45: Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngeBabele namacebo awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe impela, ikhaya labo limangale ngabo.

Verse 46: Ngomsindo wokuthathwa kweBabele umhlaba uyazamazama, ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories