Verse 1: Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.
Verse 2: Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.
Verse 3: “Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.
Verse 4: “Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela, nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.
Verse 5: Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe, abakhulumi iqiniso; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga, bazikhathaza ngokwenza okubi.
Verse 6: Uhlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.
Verse 7: Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngingenze njani ngenxa yendodakazi yabantu bami na?
Verse 8: Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.
Verse 9: Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”
Verse 10: Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
Verse 11: “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.”
Verse 12: Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?
Verse 13: UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo,
Verse 14: kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.”
Verse 15: Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.
Verse 16: Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”
Verse 17: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,
Verse 18: basheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi, nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.
Verse 19: Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”
Verse 20: Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
Verse 21: Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.
Verse 22: Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”
Verse 23: Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,
Verse 24: kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
Verse 25: “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,
Verse 26: iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”