Jeremiah - Chapter 32

Verse 1: Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

Verse 2: Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,

Verse 3: lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,

Verse 4: uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

Verse 5: yona imyise uSedekiya eBabele, abe khona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?’ ”

Verse 6: UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

Verse 7: Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’

Verse 8: “Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

Verse 9: Ngayithenga insimu ese-Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.

Verse 10: Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.

Verse 11: Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo,

Verse 12: nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.

Verse 13: “Ngamyala uBaruki phambi kwabo, ngathi:

Verse 14: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.

Verse 15: Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’

Verse 16: “Sengiyinike uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:

Verse 17: “E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

Verse 18: wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,

Verse 19: omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;

Verse 20: owamisa izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube namuhla nakwa-Israyeli naphakathi kwabanye abantu, wazenzela igama njenganamuhla,

Verse 21: wabakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,

Verse 22: wabanika leli zwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;

Verse 23: bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

Verse 24: “Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.

Verse 25: Wena Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.’ ”

Verse 26: Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:

Verse 27: “Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?

Verse 28: Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, awuthathe.

Verse 29: AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.

Verse 30: “Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.

Verse 31: Ngokuba lo muzi uvuse intukuthelo yami nokufutheka kwami, kusukela osukwini abawakha ngalo kuze kube namuhla, ukuba ngiwususe ebusweni bami,

Verse 32: ngenxa yakho konke okubi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda abakwenzileyo ukuba bangicunule, bona namakhosi abo, nezikhulu zabo, nabapristi babo, nabaprofethi babo, namadoda akwaJuda, nabakhileyo eJerusalema.

Verse 33: Bangifulathele, abangibhekanga; noma ngabafundisa ngibaxwayisa njalonjalo, abalalelanga ukuba bamukele ukulaywa.

Verse 34: Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Verse 35: Bazakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni ukuthi bayakusenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.

Verse 36: “Ngalokho manje usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngalo muzi enithi ngawo: ‘Unikelwe esandleni senkosi yaseBabele ngenkemba, nangendlala, nangesifo,’ uthi:

Verse 37: Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,

Verse 38: babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo,

Verse 39: ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.

Verse 40: Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.

Verse 41: Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.

Verse 42: “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.

Verse 43: Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.

Verse 44: Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories