Verse 1: Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:
Verse 2: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngilaphulile ijoka lenkosi yaseBabele.
Verse 3: Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,
Verse 4: ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”
Verse 5: Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova,
Verse 6: yebo, umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, makenze njalo uJehova, awaqinise amazwi akho owaprofethayo, kubuyiswe izitsha zendlu kaJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.
Verse 7: Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi:
Verse 8: Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.
Verse 9: Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa, lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela.”
Verse 10: Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.
Verse 11: UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari, inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke.’ ” Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.
Verse 12: Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:
Verse 13: “Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
Verse 14: Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”
Verse 15: Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofethi: “Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga, kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.
Verse 16: Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”
Verse 17: Wafa-ke uHananiya umprofethi ngawona lowo mnyaka ngenyanga yesikhombisa.