Verse 1: UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.
Verse 2: Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.
Verse 3: Wayesethi uJehova kimi: “Ubonani, Jeremiya, na?” Ngathi: “Amakhiwane; amahle, ngamahle kakhulu, namabi ngamabi kakhulu, enganakudliwa ngobubi bawo.”
Verse 4: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
Verse 5: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubheka kanjalo abathunjiweyo bakwaJuda, engibamukisile kule ndawo baya ezweni lamaKaledi, kube kuhle.
Verse 6: Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.
Verse 7: Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
Verse 8: “ ‘Kepha njengamakhiwane amabi engenakudliwa ngobubi bawo, impela kanjalo,’ usho kanje uJehova, ‘ngiyakwenza kuSedekiya inkosi yakwaJuda, nasezikhulwini zakhe, nakuyo insali yaseJerusalema, abasele kuleli zwe nabakhile ezweni laseGibithe.
Verse 9: Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
Verse 10: Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”