Verse 1: Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
Verse 2: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, abe ngumfula okhukhulayo, akhukhule izwe nokugcwala kwalo, umuzi nabakhileyo kuwo; abantu bayakukhala, bonke abakhileyo ezweni bahhewule.
Verse 3: Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, nangokuduma kwezinqola zakhe, nangodumo lwamasondo akhe oyise ababheki emuva kubantwana ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo
Verse 4: ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo, ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.
Verse 5: Ubumpandla bulehlele iGaza; i-Ashikeloni liphelile, insali yesigodi sabo; uyakuzisika kuze kube nini na?
Verse 6: “Awu wena nkemba kaJehova, koze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.
Verse 7: Ingathula kanjani, lapho iyalezwe nguJehova, na? Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”