Verse 1: Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi: “U-Israyeli kanamadodana, kanandlalifa, na? UMilkomu udleleni ifa likaGadi, abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?
Verse 2: Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.
Verse 3: “Hhewula, Heshiboni, ngokuba i-Ayi lichithekile, nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka, nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
Verse 4: Uzidumiselani ngezigodi, isigodi sakho esichichimayo, wena ndodakazi ehlubukayo, othemba engcebeni yakho ngokuthi: ‘Ngubani ongehlela mina, na?’
Verse 5: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “luvela kubo bonke abakuzungezayo, nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, kungabikho obutha ababalekileyo.
Verse 6: “Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.
Verse 7: Ngo-Edoni. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?
Verse 8: Balekani, nibuye, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu ngesikhathi sokumhambela kwami.
Verse 9: Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini, abayikushiya umkhothozo; namasela ebusuku abeyakuchitha aze aneliswe.
Verse 10: Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha; inzalo yakhe ichithekile, nabafowabo, nabakhelwane bakhe, yena abe engasekho.
Verse 11: Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”
Verse 12: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.
Verse 13: Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”
Verse 14: Ngizwile imibiko evela kuJehova; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: “Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.”
Verse 15: “Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.
Verse 16: Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
Verse 17: “U-Edomi uyakuba yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.
Verse 18: Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora nemizi yangakhona,” usho uJehova, “akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.
Verse 19: “Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”
Verse 20: Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngo-Edomi namacebo awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.
Verse 21: Ngomsindo wokuwa kwabo umhlaba uyazamazama; ngukukhala okumsindo wakho uzwakele ngaseLwandle Olubomvu.
Verse 22: Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
Verse 23: NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.
Verse 24: IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.
Verse 25: Yeka ukushiywa komuzi wodumo, umuzi wokuthokoza kwami!
Verse 26: Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.
Verse 27: “Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”
Verse 28: NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele. Usho kanje uJehova, uthi: “Sukani, nikhuphukele eKedari, nichithe abantwana basempumalanga.
Verse 29: Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha, bazithuthele izilenge zabo, nazo zonke izimpahla zabo, namakamela abo, bamemeze kubo, bathi: ‘Luvalo nxazonke.’
Verse 30: “Balekani, nizulazulele kude, nihlale ezigoxini nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova, “ngokuba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele wenze amasu ngani, waceba amacebo ngani.
Verse 31: “Sukani, nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo, esihlala ngokulondeka,” usho uJehova, “esingenazicabha nemigoqo, sakhe sodwa.
Verse 32: Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.
Verse 33: “IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka nencithakalo kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”
Verse 34: Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:
Verse 35: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu, okokuqala kwamandla abo.
Verse 36: Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, kungabe kusabakho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.
Verse 37: Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandla ngaphambi kwezitha zalo naphambi kwabafuna ukuphila kwabo, ngibehlisele okubi, ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova, “ngithume inkemba emva kwabo, ngize ngibaqede.
Verse 38: Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.
Verse 39: “Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.