Verse 1: Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
Verse 2: “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?
Verse 3: Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na? Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?
Verse 4: Ngokuba uthi: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.’
Verse 5: Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,
Verse 6: akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
Verse 7: “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?
Verse 8: Kuphakeme njengezulu — ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo — ungazini na?
Verse 9: Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.
Verse 10: Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?
Verse 11: Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na?
Verse 12: Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.
Verse 13: “Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;
Verse 14: uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho, ungahlalisi ububi ematendeni akho,
Verse 15: khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uqine, ungesabi.
Verse 16: Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
Verse 17: Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
Verse 18: Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
Verse 19: Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.
Verse 20: Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”