Verse 1: “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?
Verse 2: Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?
Verse 3: Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo.
Verse 4: Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi.
Verse 5: “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo,
Verse 6: engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
Verse 7: Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli.
Verse 8: Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza.
Verse 9: “Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
Verse 10: Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
Verse 11: Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
Verse 12: Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho, na?
Verse 13: “Amaphiko entshe ayaphaphaza, kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
Verse 14: Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini, iwafudumeze othulini.
Verse 15: Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboza nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
Verse 16: Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
Verse 17: Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha, akayabelanga ukuqonda.
Verse 18: Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
Verse 19: “Nguwe onika ihhashi amandla alo, wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
Verse 20: Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na? Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
Verse 21: Liyaphanda ezigodini, liyesasa ngamandla alo, liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
Verse 22: Liyahleka ingebhe, alesabi, alibuyi phambi kwenkemba.
Verse 23: Isambo siyalikhehlezela nomkhonto okhazimulayo, nengcula.
Verse 24: Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi; alimi ngokukhala kwecilongo.
Verse 25: Ekuzwakaleni kwecilongo lithi: ‘Nakho-ke;’ lihogela ukulwa kusekude, nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.
Verse 26: “Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho, awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?
Verse 27: Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?
Verse 28: Luhlala esiweni, lwakha khona, eweni ledwala eliyinqaba yalo.
Verse 29: Lulapho luhlola ukudla kwalo; amehlo alo akubona kusekude.
Verse 30: Amazinyane alo amunca igazi; lapho kukhona abagwaziweyo, lukhona nalo.”