Job - Chapter 18

Verse 1: Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

Verse 2: “Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na? Qondani, andukuba sikhulume.

Verse 3: Kungani ukuba sithiwe siyizilwane, singcolile emehlweni enu, na?

Verse 4: Wena ozidwengula olakeni lwakho, umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo, na?

Verse 5: Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka, nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.

Verse 6: Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe, nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.

Verse 7: Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi.

Verse 8: Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni, uhamba phezu kweveku.

Verse 9: Isicupho siyakumbamba ngesithende; ifolo liyakumbamba.

Verse 10: Uthukuselwe inkintshela emhlabathini, nesihibe emgwaqweni.

Verse 11: Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.

Verse 12: Ububi buyakumlambela, ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.

Verse 13: Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa, yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.

Verse 14: Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.

Verse 15: Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe, kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.

Verse 16: Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi; phezulu kuyabuna amagatsha akhe.

Verse 17: Ukukhunjulwa kwakhe kuyakuphela emhlabeni, angabi negama ezweni.

Verse 18: Uyakukhishwa ekukhanyeni, aqhutshelwe ebumnyameni, axoshwe ezweni.

Verse 19: Akayikuba nandodana namzukulwana phakathi kwabantu bakhe; akuyikuba khona lapho egogobala khona.

Verse 20: Abasentshonalanga bayethuswa lusuku lwakhe, nabasempumalanga babanjwa ngukwesaba.

Verse 21: Impela zinjalo izindlu zaboni; injalo indawo engamazi uNkulunkulu.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories