Verse 1: Wayesephendula uJobe, wathi:
Verse 2: “Usizile kanjani ongenamandla! Usindisile kanjani ingalo engenamandla?
Verse 3: Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda!
Verse 4: Utshelwe ngubani lawo mazwi, nomoya kabani waphuma kuwe, na?
Verse 5: “Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
Verse 6: Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
Verse 7: Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.
Verse 8: Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.
Verse 9: Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
Verse 10: Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
Verse 11: Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
Verse 12: Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
Verse 13: Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
Verse 14: Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”