Verse 1: Wayesephendula uJobe, wathi:
Verse 2: “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.
Verse 3: Amazwi angumoya nje awayikuphela yini? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
Verse 4: Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.
Verse 5: Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.
Verse 6: “Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?
Verse 7: Kepha manje ungikhathazile, uyichithile yonke indlu yami.
Verse 8: Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami.
Verse 9: Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso.
Verse 10: Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.
Verse 11: UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.
Verse 12: Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.
Verse 13: Abacibishelayo bakhe bangihaqa; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu; uchithela inyongo yami emhlabathini.
Verse 14: Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.
Verse 15: “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini.
Verse 16: Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
Verse 17: noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.
Verse 18: Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.
Verse 19: Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
Verse 20: Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
Verse 21: ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
Verse 22: Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.