Verse 1: Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:
Verse 2: “Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?
Verse 3: Aphikisane ngamazwi angasizi lutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?
Verse 4: Yebo, uyachitha ukwesaba, unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
Verse 5: Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.
Verse 6: Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.
Verse 7: Ungumuntu wokuqala owazalwayo na? Wavela ngaphambi kwezintaba na?
Verse 8: Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?
Verse 9: Wazini esingayazi thina na? Uqonda ntoni engekho kithina na?
Verse 10: Kithina kukhona izimpunga namakhehla amadala kunoyihlo.
Verse 11: Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?
Verse 12: Umukiselwani yinhliziyo yakho na? Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,
Verse 13: uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho, ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?
Verse 14: Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?
Verse 15: Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;
Verse 16: kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?
Verse 17: “Ngiyakukwazisa, ungilalele; ngiyakukulandisa engikubonileyo
Verse 18: lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile, zikuthathe koyise, zingakufihlanga,
Verse 19: zona ezaphiwa zodwa izwe, kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:
Verse 20: Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke, umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.
Verse 21: Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.
Verse 22: Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni; uyalindelwa yinkemba.
Verse 23: Uyazulazulela ukudla: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.
Verse 24: Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa; kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,
Verse 25: ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu, wazigabisa kuSomandla.
Verse 26: Wamdumela ngentamo elukhuni, nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,
Verse 27: ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe, wenza umvingqi okhalweni lwakhe.
Verse 28: Wahlala emizini ebiyakuchithwa, nasezindlini ebezingahlalwa, ezaziyakuba ngamanxiwa nje.
Verse 29: Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma, nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
Verse 30: Akayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe, amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.
Verse 31: Makangethembi ezeni, ezikhohlisa, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
Verse 32: Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi, negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.
Verse 33: Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini, alahle imbali yakhe njengomnqumo.
Verse 34: Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.
Verse 35: Bakhulelwe ingozi, bazala ukona; isisu sabo silungisela inkohliso.”