Job - Chapter 9

Verse 1: Wayesephendula uJobe ethi:

Verse 2: “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?

Verse 3: Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

Verse 4: Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,

Verse 5: yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

Verse 6: ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;

Verse 7: oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi;

Verse 8: oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;

Verse 9: owenza iBhere, neMpambano, nesiLimela, namaKamelo aseningizimu;

Verse 10: owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

Verse 11: Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa.

Verse 12: Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’

Verse 13: “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.

Verse 14: Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?

Verse 15: Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.

Verse 16: Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami.

Verse 17: Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.

Verse 18: Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.

Verse 19: Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?

Verse 20: Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.

Verse 21: Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.

Verse 22: Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: ‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’

Verse 23: Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.

Verse 24: Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?

Verse 25: “Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.

Verse 26: Itshuza njengomkhunjana womhlanga, njengokhozi olutheleka empangweni.

Verse 27: Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,

Verse 28: ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami, ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.

Verse 29: Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na?

Verse 30: Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa, ngihlambe izandla zami ngensipho,

Verse 31: uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi.

Verse 32: Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.

Verse 33: Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.

Verse 34: Makayisuse induku yakhe kimi; ingebhe ngaye mayingangesabisi.

Verse 35: Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi, ngokuba anginjalo ngokwami.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories