Job - Chapter 20

Verse 1: Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:

Verse 2: “Ngalokho imicabango yami iyangiphendula ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.

Verse 3: Ngiyezwa insolo engihlazisayo, kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.

Verse 4: “Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo, selokhu abantu babekwa emhlabeni,

Verse 5: ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?

Verse 6: Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,

Verse 7: uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

Verse 8: Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

Verse 9: Iso elalimgqolozela alisamboni, nendawo yakhe ayisamboni.

Verse 10: Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu, izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

Verse 11: Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.

Verse 12: “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe, noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

Verse 13: noma ebugodla engabushiyi, kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

Verse 14: kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe, kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

Verse 15: Ugwinyile ingcebo; uyakubuye ayihlanze; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

Verse 16: Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.

Verse 17: Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

Verse 18: Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

Verse 19: Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

Verse 20: “Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe; kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

Verse 21: Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

Verse 22: Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

Verse 23: Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.

Verse 24: Uyabalekela isikhali sensimbi, kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

Verse 25: Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.

Verse 26: Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.

Verse 27: Izulu liyakwambula ububi bakhe, umhlaba umvukele.

Verse 28: Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

Verse 29: Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu, nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories