Verse 1: “Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
Verse 2: Bheka-ke, sengivula umlomo wami; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
Verse 3: Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
Verse 4: Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
Verse 5: Uma ukwazi, ngiphendule; zihlele phambi kwami, ume.
Verse 6: Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.
Verse 7: Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
Verse 8: “Impela wakhuluma ezindlebeni zami, ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:
Verse 9: Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.
Verse 10: Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.
Verse 11: Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.
Verse 12: “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
Verse 13: Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
Verse 14: Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
Verse 15: Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,
Verse 16: khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
Verse 17: ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu;
Verse 18: unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
Verse 19: Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe, nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
Verse 20: Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
Verse 21: Inyama yakhe iyadliwa, ingabe isabonwa; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
Verse 22: Umphefumulo wakhe uyasondela egodini, nokuphila kwakhe kubabulali.
Verse 23: “Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
Verse 24: uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi: ‘Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,’
Verse 25: inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,
Verse 26: khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye, abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
Verse 27: Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:
Verse 28: uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’
Verse 29: “Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu
Verse 30: ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
Verse 31: Yizwa, Jobe, ungilalele; thula, mina ngizakukhuluma.
Verse 32: Uma unamazwi, ngiphendule; khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.
Verse 33: Uma ungenawo, ngilalele wena; thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”