Job - Chapter 5

Verse 1: “Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na? Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?

Verse 2: Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.

Verse 3: Mina ngibonile isiwula sigxilile, kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.

Verse 4: Abantwana baso bakude nokusindiswa, bachotshozwa esangweni; akakho obophulayo,

Verse 5: abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni; abanxanelayo basezela impahla yabo.

Verse 6: Ngokuba usizi aluveli othulini, nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,

Verse 7: ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.

Verse 8: “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu; kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,

Verse 9: yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,

Verse 10: yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu,

Verse 11: ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo baphakanyiselwe ukusindiswa.

Verse 12: Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.

Verse 13: Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.

Verse 14: Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.

Verse 15: Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.

Verse 16: Ompofu usenethemba; ububi buvala umlomo wabo.

Verse 17: “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.

Verse 18: Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.

Verse 19: Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.

Verse 20: Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.

Verse 21: Uyakufihlwa enkalivasini yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.

Verse 22: Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.

Verse 23: Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.

Verse 24: Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula; uyakuhambela indlu yakho, awuyikusilalelwa lutho.

Verse 25: Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu, abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.

Verse 26: Uyakufika ethuneni usuthi ngobudala njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.

Verse 27: Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo; kuzwe, uzazele khona.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories