Job - Chapter 36

Verse 1: U-Elihu waqhubeka wathi:

Verse 2: “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa, ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

Verse 3: Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.

Verse 4: Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.

Verse 5: “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.

Verse 6: Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

Verse 7: Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.

Verse 8: Uma beboshwa ngamaketanga, babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,

Verse 9: uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.

Verse 10: Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.

Verse 11: Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.

Verse 12: Kepha uma bengalaleli, bayakuphela ngenkemba, bafe bengenalwazi.

Verse 13: “Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.

Verse 14: Bafa besebasha, ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.

Verse 15: Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

Verse 16: “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.

Verse 17: Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

Verse 18: Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.

Verse 19: Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?

Verse 20: Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.

Verse 21: Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

Verse 22: “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?

Verse 23: Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?

Verse 24: Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.

Verse 25: Bonke abantu bayazibona; abokufa bayazibuka besekude.

Verse 26: Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.

Verse 27: “Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;

Verse 28: amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi.

Verse 29: Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?

Verse 30: Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye; uyasibekela ubuphansi bolwandle.

Verse 31: Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.

Verse 32: Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya, akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.

Verse 33: Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories