Verse 1: Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
Verse 2: UJobe wathatha wathi:
Verse 3: “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’
Verse 4: Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
Verse 5: Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.
Verse 6: Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
Verse 7: Bheka, lobo busuku mabungabi nalutho, kungangeni ukujabula kubo.
Verse 8: Mababuqalekise abathuka amalanga, abalungele ukuvusa uLeviyathani.
Verse 9: Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama; mabulinde ukukhanya kungabikho, bungaboni izinkophe zokusa,
Verse 10: ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame, abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.
Verse 11: “Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?
Verse 12: Amadolo angamukeleleni, namabele ukuba ngincele, na?
Verse 13: Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
Verse 14: kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba abazakhela izinqaba zamathuna,
Verse 15: noma kanye nezikhulu ezinegolide ezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,
Verse 16: noma ngangingekho njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo, njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.
Verse 17: Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.
Verse 18: Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye; azizwa izwi labazicindezelayo.
Verse 19: Lapho nabancane nabakhulu bayafanana; isigqila sikhululekile enkosini yaso.
Verse 20: “Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu emphefumulweni ukuphila;
Verse 21: abalinda ukufa kungafiki, abakumba kunengcebo;
Verse 22: abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna,
Verse 23: nomuntu ondlela yakhe isithekile, uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?
Verse 24: Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,
Verse 25: ngokuba engikwesabayo sekuyangifikela, nenginovalo ngakho sekuyangehlela.
Verse 26: Anginakuthula, angizolile, anginakuphumula; kepha ukuyaluza kuyafika.”