Verse 1: Wayesephendula uJobe, wathi:
Verse 2: “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?
Verse 3: Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
Verse 4: Uma impela ngidukile, ukuduka kwami kukimi ngedwa.
Verse 5: Uma impela niyazikhukhumezela kimi, niphikisane nami ngehlazo lami,
Verse 6: yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.
Verse 7: Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.
Verse 8: Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
Verse 9: Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.
Verse 10: Ungidilizile nxazonke, sengimukile; usiphulile ithemba lami njengomuthi.
Verse 11: Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.
Verse 12: Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami.
Verse 13: “Udedisile kimi abafowethu, nabazana nami sebahlukene impela nami.
Verse 14: Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.
Verse 15: Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangishaya umfokazi; ngingowezizwe emehlweni abo.
Verse 16: Ngibiza inceku yami, kayingiphenduli; ngiyayinxusa ngomlomo wami.
Verse 17: Umoya wami mubi kumkami, ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.
Verse 18: Yebo, nezingane ziyangidelela; uma ngivuka, zikhuluma ngami.
Verse 19: Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi; labo ababengithanda sebengifulathele.
Verse 20: Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.
Verse 21: Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
Verse 22: Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?
Verse 23: “Sengathi amazwi ami angalotshwa! Sengathi angabhalwa encwadini,
Verse 24: aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!
Verse 25: Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini.
Verse 26: Nalapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
Verse 27: engiyakumbona uqobo lwami; amehlo ami ayakumbona, kungabi njengomfokazi; okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
Verse 28: Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho! njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’
Verse 29: yesabani inkemba, ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.”