Verse 1: U-Elihu wathatha wathi:
Verse 2: “Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’
Verse 3: njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?’
Verse 4: “Ngizakukuphendula mina ngamazwi, wena nabangane bakho.
Verse 5: Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.
Verse 6: Uma wona, wenzani kuye na? Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuyena na?
Verse 7: Uma ulungile, umnikani yena, noma umukelani esandleni sakho na?
Verse 8: Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.
Verse 9: “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.
Verse 10: Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,
Verse 11: osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’
Verse 12: Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi, kepha akaphenduli.
Verse 13: Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela;
Verse 14: kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?
Verse 15: Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi, anganaki kakhulu iziphambeko,
Verse 16: uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.”