Verse 1: uJobe, wathi:
Verse 2: “Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.
Verse 3: Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?
Verse 4: Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.
Verse 5: Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.
Verse 6: Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.
Verse 7: Kepha mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.
Verse 8: Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa, nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.
Verse 9: Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?
Verse 10: Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.
Verse 11: Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?
Verse 12: Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.
Verse 13: “Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.
Verse 14: Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.
Verse 15: Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.
Verse 16: Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.
Verse 17: Umukisa abaluleki bephangiwe; uyenza abahluleli babe yiziwula.
Verse 18: Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga.
Verse 19: Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.
Verse 20: Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.
Verse 21: Uthela izikhulu ngehlazo, akhumule imbonya yonamandla.
Verse 22: Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.
Verse 23: Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa; ukhulisa izizwe, abesezisusa.
Verse 24: Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.
Verse 25: Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.