Verse 1: U-Elihu wathatha wathi:
Verse 2: “Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, nibeke indlebe kimi nina zazi.
Verse 3: Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.
Verse 4: Masizikhethele okulungileyo, sazi phakathi kwethu okuhle.
Verse 5: Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
Verse 6: Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’
Verse 7: Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,
Verse 8: ohamba ngokwazana nabenza okubi, ahambisane nabantu ababi, na?
Verse 9: Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’
Verse 10: “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.
Verse 11: Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
Verse 12: Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
Verse 13: Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?
Verse 14: Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
Verse 15: inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.
Verse 16: “Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele izwi lokukhuluma kwami.
Verse 17: Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na? Uyakumlahla olungileyo nonamandla
Verse 18: oshoyo enkosini ukuthi: ‘Muntu omubi,’ nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
Verse 19: ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
Verse 20: Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.
Verse 21: “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.
Verse 22: Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.
Verse 23: Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
Verse 24: Uyaphahlaza abanamandla, kungahlolwanga, amise abanye ezikhundleni zabo.
Verse 25: Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.
Verse 26: Uyabashaya njengababi endaweni lapho bebonwa khona,
Verse 27: ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,
Verse 28: baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.
Verse 29: Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,
Verse 30: ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu, abantu bacushwe.
Verse 31: “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
Verse 32: Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’
Verse 33: Uyakuphindisela njengokuthanda kwakho, lokhu ukwenqaba, na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, akusimina; khuluma okwaziyo.
Verse 34: “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi, yebo, nezihlakaniphi, lapho zingizwa, ziyakuthi:
Verse 35: ‘UJobe ukhuluma engenalwazi; amazwi akhe awanangqondo.’
Verse 36: Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.
Verse 37: Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”