Verse 1: UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:
Verse 2: “Sengathi nga nginjengasezinyangeni zakuqala, njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,
Verse 3: lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
Verse 4: yebo, njengasezinsukwini zokuvuthwa kwami, lapho ubuhlobo bukaNkulunkulu babuphezu kwetende lami;
Verse 5: lapho uSomandla wabe esenami, nabantwana bami babe besangizungeza;
Verse 6: lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga, nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.
Verse 7: “Lapho ngaphuma ngaya esangweni ngasemzini, ngalungisa isihlalo sami esigcawini,
Verse 8: izinsizwa zangibona, zacasha, nezimpunga zasuka zema,
Verse 9: izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo;
Verse 10: izwi labakhulu lathuliswa; izilimi zabo zanamathela olwangeni lwabo.
Verse 11: Lapho indlebe yangizwa, yangibusisa, nalapho iso langibona, langifakazela.
Verse 12: Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo kanye nentandane engenamsizi.
Verse 13: Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
Verse 14: Ngembatha ukulunga, kwaba yisambatho kimi; ukwahlulelwa kwami kwakunjengengubo nomqhele kimi.
Verse 15: Ngaba ngamehlo ezimpumputhe nezinyawo zezinyonga.
Verse 16: Nganginguyise wabampofu; indaba yengingamaziyo ngayiphenya.
Verse 17: Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
Verse 18: “Ngase ngithi: ‘Ngiyakufa esidlekeni sami, ngandise izinsuku zami zibe ngangesihlabathi.
Verse 19: Impande yami iyazivulela amanzi; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
Verse 20: udumo lwami lusha njalo kimi, umnsalo wami wenziwa musha esandleni sami.’
Verse 21: “Abantu bangilalela belinda; bathula ngesiluleko sami.
Verse 22: Emva kwamazwi ami ababe besakhuluma; amazwi ami aconsela phezu kwabo.
Verse 23: Bangilindela njengemvula; bangikhamisela imilomo yabo njengokukhamisela imvula yamuva.
Verse 24: Ngabahleka bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.
Verse 25: Uma ngangikhethile izindlela zabo, ngangiyakuhlala emqoka, ngahlalisa okwenkosi empini, njengoduduza abalilayo.