Job - Chapter 32

Verse 1: Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.

Verse 2: Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

Verse 3: Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.

Verse 4: U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.

Verse 5: Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

Verse 6: U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi: “Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala; ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.

Verse 7: Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

Verse 8: Nokho kukhona umoya kumuntu; ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

Verse 9: Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela.

Verse 10: “Ngalokho ngithi: Ngizweni; nami ngiyakusho umqondo wami.

Verse 11: Bhekani, ngilindele amazwi enu, ngabeka indlebe emiqondweni yenu, nisaphenya eniyakukusho.

Verse 12: Nganilalela nina; bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

Verse 13: Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’

Verse 14: Akahlelelanga mina amazwi akhe; angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

Verse 15: “Bayakhungatheka, abasaphenduli; baphelelwa ngamazwi.

Verse 16: Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na? Ngokuba bemi bengasaphenduli.

Verse 17: Nami ngiyakuphendula okwami, ngitshengise nami umqondo wami.

Verse 18: Ngokuba ngigcwele amazwi; umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

Verse 19: Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo; kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

Verse 20: Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke; ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

Verse 21: Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.

Verse 22: Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories