Verse 1: “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?
Verse 2: Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?
Verse 3: Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?
Verse 4: Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?
Verse 5: “Uma ngihambile ngamanga, nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,
Verse 6: mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.
Verse 7: Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,
Verse 8: mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.
Verse 9: “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,
Verse 10: umkami makasilele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.
Verse 11: Ngokuba lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.
Verse 12: Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.
Verse 13: “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,
Verse 14: ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?
Verse 15: Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.
Verse 16: “Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
Verse 17: ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa, ingaludlanga nentandane
Verse 18: hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise; kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi
Verse 19: uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho, kungekho okokuzimboza kompofu;
Verse 20: uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga, uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;
Verse 21: uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
Verse 22: maliwe ihlombe lami esiphangeni, nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.
Verse 23: Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.
Verse 24: “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami, ngathi egolideni elihle: ‘Ngithemba wena;’
Verse 25: uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;
Verse 26: uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,
Verse 27: kwayengwa inhliziyo yami esitha, nomlomo wanga isandla sami,
Verse 28: nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.
Verse 29: “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo, ngaxhuma lapho eficwa ngokubi
Verse 30: kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo
Verse 31: uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ —
Verse 32: abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami —
Verse 33: uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
Verse 34: ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango —
Verse 35: sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla — ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!
Verse 36: Ngangiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,
Verse 37: ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengesikhulu.
Verse 38: “Uma umhlaba wami ukhalile ngami, nemisele yawo ililile kanyekanye;
Verse 39: uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,
Verse 40: makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni, kuvele ukhula endaweni yebhali.” Amazwi kaJobe asephelile.