Verse 1: “Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.
Verse 2: Insimbi iyakhishwa emhlabathini; amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.
Verse 3: Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
Verse 4: Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu, lapho bekhohlakele khona lunyawo; bayalenga, bajikajika kude nabantu.
Verse 5: Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla, kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.
Verse 6: Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.
Verse 7: Lowo mgudu awaziwa yinqe, neso loheshe aliwubonanga.
Verse 8: Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo, nengonyama ayidlulanga ngawo.
Verse 9: Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha, agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.
Verse 10: Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe liyabona konke okuyigugu.
Verse 11: Uyavimba imifula ukuba ingaconsi; imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.
Verse 12: “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi? Iphi indawo yokuqonda na?
Verse 13: Umuntu kalazi inani lakho; akutholakali ezweni labaphilayo.
Verse 14: Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’
Verse 15: Akunakuzuzwa ngegolide; intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.
Verse 16: Kungelingane negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu, nesafire.
Verse 17: Igolide nengilazi kungelingane nakho; akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.
Verse 18: Akunakukhulunywa ngekorali nangekristalu; intengo yakho iphezu kwamarubi.
Verse 19: Itopazi laseKushe alinakulinganiswa nakho, kungelingane negolide elicwengekileyo.
Verse 20: “Ukuhlakanipha kuvelaphi na? Indawo yokuqonda iphi na?
Verse 21: Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe ezinyonini zezulu.
Verse 22: Ukubhujiswa nokufa kuthi: ‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’
Verse 23: UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho.
Verse 24: Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.
Verse 25: Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,
Verse 26: lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lokuduma indlela,
Verse 27: khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.
Verse 28: Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”