Verse 1: UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:
Verse 2: “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”
Verse 3: UJobe wamphendula uJehova, wathi:
Verse 4: “Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
Verse 5: Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”
Verse 6: UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
Verse 7: “Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.
Verse 8: Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?
Verse 9: Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
Verse 10: Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.
Verse 11: Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.
Verse 12: Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.
Verse 13: Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.
Verse 14: Khona ngiyakukudumisa nami ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
Verse 15: “Ake ubheke uBehemoti engamenza kanye nawe; uyadla utshani njengenkabi.
Verse 16: Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe, nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
Verse 17: Uqinisa umsila wakhe njengomsedari; imisipha yamathanga akhe yalukene.
Verse 18: Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
Verse 19: Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
Verse 20: Izintaba ziyamvezela ukudla, lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.
Verse 21: Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.
Verse 22: Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo; iminyezane yasemfuleni iyamphahla.
Verse 23: Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.
Verse 24: Angabanjwa ebhekile, liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?