Job - Chapter 4

Verse 1: Wayesethatha u-Elifazi, umThemani, wathi:

Verse 2: “Uma kulingwa ukukhulunywa kuwe, uyakukhathazeka na? Kepha ngubani ongazibamba, angakhulumi, na?

Verse 3: Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka.

Verse 4: Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo.

Verse 5: “Kepha sekufikile kuwe, uyakhathazeka; kuyakuthinta wena, uyashaywa luvalo.

Verse 6: Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?

Verse 7: Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na? Babhujiswaphi abalungileyo na?

Verse 8: Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyele ukona, bayakuvuna.

Verse 9: Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.

Verse 10: Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka.

Verse 11: Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.

Verse 12: “Kwanyenyiselwa kimi izwi, indlebe yami yabamba ukunyenyezwa kwalo.

Verse 13: Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,

Verse 14: ngafikelwa yingebhe nokuthuthumela okwaqhaqhazelisa onke amathambo ami.

Verse 15: Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka.

Verse 16: Kwema okuthile, kepha angaqonda ukubonakala kwakho; isimo sasiphambi kwamehlo ami; kwathula; ngase ngizwa izwi, lathi:

Verse 17: ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

Verse 18: Bheka, nasezincekwini zakhe akethembi, nezingelosi zakhe uyazibeka icala;

Verse 19: kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwa njengenundu.

Verse 20: Bagxotshwa kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa; babhubha kuze kube phakade benganakwa muntu.

Verse 21: Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories