Job - Chapter 30

Verse 1: “Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.

Verse 2: Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani, abantu abaphelile iziphika, na?

Verse 3: Bondile ngokuswela nangendlala; baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.

Verse 4: Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.

Verse 5: Bayaxoshwa phakathi kwabantu; bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.

Verse 6: Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.

Verse 7: Bayakhonya phakathi kwezihlahla; phansi kwezimbabazane bayabuthana,

Verse 8: bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.

Verse 9: “Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.

Verse 10: Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.

Verse 11: Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami.

Verse 12: Ngakwesokunene kuvuka amachwensa; agudlumeza izinyawo zami, anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.

Verse 13: Achitha umkhondo wami; asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.

Verse 14: Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.

Verse 15: Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.

Verse 16: “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.

Verse 17: Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.

Verse 18: Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele; unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.

Verse 19: Ungiphonsile odakeni; sengifana nothuli nomlotha.

Verse 20: “Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli; ngimi lapha, uyangibuka nje.

Verse 21: Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.

Verse 22: Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.

Verse 23: Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.

Verse 24: “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni, akhale uma esengozini, na?

Verse 25: Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?

Verse 26: Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.

Verse 27: Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.

Verse 28: Ngihamba ngimnyama, kungenziwanga yilanga; ngisukuma ebandleni ngikhala.

Verse 29: Ngingumfowabo wamakhanka, nomngane wezintshe.

Verse 30: Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.

Verse 31: Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories