Job - Chapter 23

Verse 1: Wayesephendula uJobe, wathi:

Verse 2: “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu; isandla sami siyasinda ngokububula kwami.

Verse 3: Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi, ngize ngifike endlini yakhe,

Verse 4: ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

Verse 5: Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo, ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.

Verse 6: Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na? Cha, ubeyakubhekisa kimi.

Verse 7: Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

Verse 8: Kodwa bheka, ngiya empumalanga, kepha akakho, nasentshonalanga, kepha angimboni,

Verse 9: nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.

Verse 10: Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.

Verse 11: Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.

Verse 12: Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

Verse 13: “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.

Verse 14: Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.

Verse 15: Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe; lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

Verse 16: NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,

Verse 17: ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories