Isaiah - Chapter 10

Verse 1: Wo kubona abamisa izimiso ezimbi, nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,

Verse 2: ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.

Verse 3: Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

Verse 4: Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.

Verse 5: “Wo kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.

Verse 6: Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.

Verse 7: Nokho akusiwo umqondo walo, inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo, kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha nokunquma izizwe ezingeyingcosana.

Verse 8: Ngokuba lithi: ‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?

Verse 9: IKalino alinjengeKharikemishi na? IHamati alinjenge-Aripadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?

Verse 10: Njengalokhu isandla sami siyitholile imibuso yezithombe ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,

Verse 11: anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo, njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”

Verse 12: Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo.

Verse 13: Ngokuba uthi: “Ngamandla esandla sami ngikwenzile, nangokuhlakanipha kwami, ngokuba nginokuqonda; ngisusile imikhawulo yezizwe, ngiphangile ingcebo yazo, njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.

Verse 14: Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo ngibuthile wonke umhlaba, akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.”

Verse 15: Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo, njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo, nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?

Verse 16: Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe, nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa njengokushisa komlilo.

Verse 17: Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, oNgcwele wakhe abe yilangabi; kuyakushisa kuqede ameva akhe namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.

Verse 18: Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe, umzimba nomphefumulo, kube njengesiguli esinyamalalayo.

Verse 19: Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana, ukuze ibhalwe ngumntwana.

Verse 20: Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyeli nabasindileyo bendlu kaJakobe bangasenciki kobashayileyo, kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

Verse 21: Insali iyakubuya, insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

Verse 22: Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

Verse 23: Ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo phakathi kwawo wonke umhlaba.

Verse 24: Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “We bantu bami, enakhe eSiyoni, ningalesabi i-Asiriya, lapho likushaya ngentonga yalo, liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

Verse 25: Ngokuba kusezakuba yisikhashana nje kuze kuphele ukufutheka kwami, intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”

Verse 26: UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhu njengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi, nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle, ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.

Verse 27: Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,

Verse 28: liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;

Verse 29: badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.

Verse 30: Zamuluka ngezwi lakho, ndodakazi yaseGalimi; qaphela, Layishi, yiphendule, Anathoti.

Verse 31: IMadimena selibalekile, abakhileyo eGebimi bathutha impahla.

Verse 32: Namhla nje liyema ngaseNobi, linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni, intaba yaseJerusalema.

Verse 33: Bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyanquma amagatsha ngokwesabekayo, kugawulwe abaphakemeyo, nabazikhukhumezayo behliswe.

Verse 34: Izihlahla zehlathi ziyacatshwa ngensimbi, neLebanoni liyawa ngoNamandla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories