Verse 1: Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.
Verse 2: Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.
Verse 3: Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa, imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.
Verse 4: Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
Verse 5: nanjengokushisa endaweni eyomileyo. Uyathobisa umsindo wabafokazi; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.
Verse 6: UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.
Verse 7: Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.
Verse 8: Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.
Verse 9: Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”
Verse 10: Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.
Verse 11: Noma elula izandla zakhe phakathi kwawo njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe.
Verse 12: Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.