Verse 1: “Ngafunwa ngabangangicelanga, ngafunyanwa ngabangangifunanga, ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’ kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.
Verse 2: Ngizelulile izandla zami usuku lonke kubantu abahlubukayo, abahamba ngendlela engenhle nangokwemicabango yabo,
Verse 3: abantu abangithukuthelisa ebusweni bami njalo, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini,
Verse 4: abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,
Verse 5: abathi: ‘Hlehla, ungasondeli kimi, ngokuba ngingcwele kuwe;’ banjengomusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.
Verse 6: “Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo
Verse 7: ububi babo nobubi bawoyise kanyekanye,” usho uJehova, “abashisa impepho ezintabeni, bangihlambalaza emagqumeni; ngiyakulinganisa kuqala umvuzo wabo ezifubeni zabo.”
Verse 8: Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu iwayini litholwa ehlukuzweni, bese kuthiwa: ‘Malingachithwa, ngokuba isibusiso sikulo,’ kanjalo ngiyakwenza ngenxa yenceku yami: angiyikubabulala bonke.
Verse 9: Ngiyakuveza inzalo kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakwakha khona.
Verse 10: ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu, nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomo kubantu bami abangifunayo.
Verse 11: “Kepha nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele iNhlanhla itafula, nigcwalisele isiMiselo iwayini elixutshanisiweyo,
Verse 12: ngiyakuninqumela inkemba, nikhothamele nonke ukuhlatshwa, ngokuba lapho nganibiza, aniphendulanga, nalapho ngakhuluma, anizwanga, kepha nenza okubi emehlweni ami, nakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.”
Verse 13: Ngalokho isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina niyakulamba; bhekani, izinceku zami ziyakuphuza, kepha nina niyakoma; bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza, kepha nina niyakujabha;
Verse 14: bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo, kepha nina niyakuklewula ngokwaphuka komoya, nikhale ngobuhlungu benhliziyo.
Verse 15: Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,
Verse 16: ukuze kuthi ozibusisa emhlabeni azibusise kuNkulunkulu weqiniso, nofunga emhlabeni, afunge uNkulunkulu weqiniso, ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami.”
Verse 17: “Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.
Verse 18: Kepha jabulani, nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo.
Verse 19: Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.
Verse 20: “Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.
Verse 21: Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo.
Verse 22: Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.
Verse 23: Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba nabo.
Verse 24: Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.
Verse 25: Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.