Verse 1: “Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.
Verse 2: Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Verse 3: Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo, zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.
Verse 4: Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,
Verse 5: ngazimemezela kwasendulo, ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’
Verse 6: Wawukuzwile konke lokho; wakubona; awuyikukumemezela na? “Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla, yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.
Verse 7: Kudaliwe manje, kungesendulo; awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku, funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’
Verse 8: Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
Verse 9: Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.
Verse 10: Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa; ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
Verse 11: Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.
Verse 12: “Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.
Verse 13: Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.
Verse 14: “Buthanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele, nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
Verse 15: Mina, mina ngikhulumile, yebo, ngimbizile, ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
Verse 16: “Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.” Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
Verse 17: Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
Verse 18: Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
Verse 19: nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”
Verse 20: Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi, nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: “UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”
Verse 21: Kabomanga lapho ebahola emahlane, wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni; futhi waliqhekeza idwala, amanzi ampompoza.
Verse 22: “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.