Isaiah - Chapter 17

Verse 1: Isiprofetho ngeDamaseku. “IDamaseku liyakususwa, lingabe lisaba ngumuzi, libe yinxiwa nencithakalo

Verse 2: eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.

Verse 3: Inqaba iyakuphela kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantwana bakwa-Israyeli,” usho uJehova Sebawoti.

Verse 4: “Kuyakuthi ngalolo suku udumo luka Jakobe lube buthakathaka, kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

Verse 5: Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.

Verse 6: Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu, ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

Verse 7: Ngalolo suku abantu bayakumbheka uMenzi wabo, namehlo abo ayakumbuka oNgcwele ka-Israyeli.

Verse 8: Abayikubheka ama-altare abo, umsebenzi wezandla zabo, bangabuki okwenziwe yiminwe yabo, o-Ashera nama-altare empepho.

Verse 9: Ngalolo suku imizi yabo enamandla iyakuba njengezindawo ezishiyiweyo zasehlathini nezaseziqongweni zezintaba abazishiya phambi kwabantwana bakwa-Israyeli zibe yincithakalo.

Verse 10: Ngokuba ukhohliwe uNkulunkulu wokusindiswa kwakho, awukhumbulanga idwala lamandla akho; ngalokho noma utshala izithombo ezimnandi, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,

Verse 11: ngosuku lokutshala kwakho, lapho ubiyela, nangokusa kokuhlwanyela kwakho, lapho wenza ukuba kuqhakaze, ukuvuna kuyakubaleka ngosuku losizi nolobuhlungu obungenakupholiswa.

Verse 12: Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe eziningi ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxokozela kwabezizwe abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.

Verse 13: Izizwe ziyaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi, kodwa uyakuzisola, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba asezintabeni phambi komoya, nothuli olushwilayo phambi kwesiphepho.

Verse 14: Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe; kungakasi azisekho. Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories