Isaiah - Chapter 29

Verse 1: Wo kuwe Ariyeli, Ariyeli, umuzi lapho amisa khona uDavide. Yengezelani umnyaka emnyakeni, imikhosi iyingilize,

Verse 2: ngize ngilicindezele i-Ariyeli, kube khona ukukhala nokububula, libe njenge-Ariyeli kimi.

Verse 3: Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho, ngikuvimbezele ngezinqaba, ngikumisele izindonga.

Verse 4: Uyakubhidlizelwa phansi, ukhulume usemhlabathini; ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi, kuphume othulini, izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini, ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.

Verse 5: Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo, yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

Verse 6: Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.

Verse 7: Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli, ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo, siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.

Verse 8: Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla, kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonke ezisukela intaba yaseSiyoni.

Verse 9: Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.

Verse 10: Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu umoya wobuthongo obunzima; uwavalile amehlo enu, usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.

Verse 11: Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,”

Verse 12: incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”

Verse 13: Yathi iNkosi: “Ngenxa yokuba laba bantu besondela, bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo, kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo, nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

Verse 14: ngalokho ngiyakubuye ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo, izimangaliso impela; ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela, nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”

Verse 15: Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo, abamisebenzi yabo isebumnyameni, nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo, ngubani osaziyo, na?”

Verse 16: O ukuphendukezela kwenu! Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini, ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi: “Yena akangenzanga,” na? noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi: “Akanakuqonda,” na?

Verse 17: Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi, na?

Verse 18: Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe ayakubona, engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

Verse 19: Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova, nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

Verse 20: Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona, nesideleli siyakube singasekho, nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,

Verse 21: ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

Verse 22: Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi: “UJakobe akasayikuba namahloni, nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.

Verse 23: Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe, umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe, bayakungcwelisa igama lami, yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe, bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.

Verse 24: Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde, nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories