Isaiah - Chapter 15

Verse 1: Isiprofetho ngoMowabi. Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, lichithekile; impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lichithekile.

Verse 2: Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.

Verse 3: Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka, nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.

Verse 4: IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.

Verse 5: Inhliziyo yami ikhalela uMowabi; ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora, nase Egila Shelishiya; yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi, bephakamisa izwi lokudazuluka.

Verse 6: Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo, notshani buyoma, uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza.

Verse 7: Ngalokho okuseleyo abakutholileyo, nemfuyo yabo, bakuwelisa uMfula Weminyezane.

Verse 8: Ngokuba ukukhala kuzungeze imikhawulo yakwaMowabi, nokuklewula kwakhe kuze kube se-Egelayimi, nokububula kwakhe kuze kube seBeri Elimi.

Verse 9: Ngokuba amanzi aseDimoni agcwele igazi; yebo, ngiyakwehlisela iDimoni nokunye: ingonyama phezu kwabasindileyo bakwaMowabi, insali yezwe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories